Izigameko ezokuphepha kanye nemisebenzi yamahovisi...
Ukucutshungulwa kwangaphakathi kwezimali.
Ukuphathwa kwezizinda zobuciko.
Ihhovisi elengamele ukwakhiwa kwezimpawu.
Ukuqondisisa ngokugcwele okungeziwa , amasiko, isayensi kanye nobuchwepheshe kwi-ntuthuko, kwezenhlalakahle ekukhuliseni ubunyoninco kanye nasekugqugquzeleni amagugu anhlobonhlobo esizwe sethu.
Ezemaciko, amasiko ezamafa kanye namagugu, ngohlonipha ukwehlukahlukana, nangokwesekela izinhlelo zomnotho.
Ukwehlukana kwezilimi ezweni lethu njengomthombe wokudlulisela amandla kuwowonke umuntu waseNingizimu Afrika, ukuze babambe iqhaza kwezenhlalakahle, kwezepolitiki kanye nakwezomnotho wezwe labo.
intuthuko elinganayo ukulondoloza, ukonga, ukuvikela kanye nokukuqinisekisa ukuthi umlando wethu , izimpawu zikazwelonke, amafa namagugu kuyaziwa.
Uma sibheka kunyaka odlule, kubenempumelelo ebonakalayo ezinhlelweni ezahlelwa kulomnyango we-DACST . Zisukela ekubonakaleni/ ekutholakaleni kwezizinda zamasiko eziholele ekudalekeni kwemisebenzi, kuya ekusungulweni kwezizinda zocwaningo olujulileyo ezisezingeni lomhlaba.
i Ukuthi kungabunjwa kanjani emphakathini noma emkhakheni wezobuciko futhi ii Singalelelela kanjani ezinhlelweni eziholwa nguhulumeni ngendlela enokubambisana nengena khaxa kulokhu esikubiza ngokuthi phecelezi cluster-systems.
Engxenyeni yezobuchwepheshe kukhona izinkomba ezisemqoka esidinga ukuba sibhunge ngazo kwingxenye emaphakathi njengezwe.
Isilinganiso esikhulu semali yezobuchwepheshe okumele ikhokhwe ngonyaka eshoda ngo-R1,5 wamabhiliyoni.
Emkhakheni wobuciko kanye namasiko kunezinto ezingumyombo nokudingeka ukuba uhulumeni asihole kuzo.
Ukufuna umfanekiso omusha kazwelonke wezobuciko, nosuselwe ekuxhumaneni kezizinda ezingaguqukiyo.
Ukuguqula imicabango ibe izenzo ngokuthi zibambe iqhaz ekutheni izimboni zamasiko zidale amathuba emisebenzi.
Mayelana nezilimi udaba olusemqoka ukuthi inganikezwa kanjani inkomba ephathekayo ngokomthetho yokulinganisw kwezilimi, nokwehlukana kwazo, esikhathini lapho umhlaba uyinto eyodwa futhi nesimo sezimali. Sishoda.
Unyaka odlule ubone ushintsho olubalulekile, ekutheni I-DACST izibheka kanjani?
Singumyango osebenzisa okungenani u 90 wamaphesenti esikhw esingu (R 1billion), ezinhlelweni zangapandle kunezangaphakathi izizinda ezingaphandle kanye nalezo ezithola ukuxhaswa yi-DACST zithola ukuxhaswa kuwona lo 90%, zisukela kwinhlangano eyenza ucwaningo kwezesayensi, ibhodi eliphathelene nezilimi zaseNingizimu Afrikha, amamuziyemu kanye nezingxenye eziphathelene nokukhonjiswa kobuciko. Ukwakha ukuthelelana emyangweni enezinhlelo eziningi ehlukahlukene ekutheni ziqale ukuthuthukisa inqubo efanayo yokuphatha nokubusa.
Kwikhabhinethi I-Lekgotla yenyanga ka-January 2001 kuqinisekisiwe ukuthi esikhathini esizayo izizinda zamasiko njengemisebenzi wezandla, umculo kanye noomboniso kanye namaFilimungokuzayo zizombandakanywa nezinhlelo zomnotho ngezindlela ezimbili, intuthuko/ ukukhuliswa kanye nokudala amathuba emisebenzi. Sekumane kwazicacela ukuthi izizinda zamasiko zingadlala indima ebaluleke kakhulu kwezomnotho ezisafufusayo ngokufanayo nezizinda zemvelo ezinjenge zimayini kanye nezolimo. Amazwe ahlukene njenge Sweden, neMexico asinikeza isiqiniseko esingangabazisi salokhu.
Ukuqhubekisela phambili kocwaningo kanye nezizinda zentuthuko.
LoMnyango udinga ukunakekelwa ekuwubhekeleni kanye kanye nasekuwubhekeleni, ngokwezidingo zasekhaya nangokwezidingo zenkambiso yomhlaba ekuyibhekeleni/ekuyigadeni kanye nasekuyikhuliseni, ngokwezidingo zasekhaya nangokwezidingo zenkambiso yomhlaba. Ukuze kusizwe loluhlelo kumele kwenziwe imbuyekezo efanele kanye nokuhlola /noncwaningo, (isibonelo ukubhekela ngaphambili) ukubambisana ne National Advisory Council kwezokuthuthukiswa. Isiqiniseko ukuthi imali yonyaka elinganiselwa ku R2,5 bhiliyoni wamarandi, kudingeka ukuba iphidwe okungenani kabili esikhathini esilinganiselwa eminyakeni eyishumi ezayo. (iyobe isithi ayilingane naleyo yezimboni zangasese). Okwamanje silondoloza imali kuzwelonke ye- GDP engamaphesenti angu- 0,7% nokuyingxenye eyodwa kokuthathu ye- OECD kanti futhi yincane uma iqhathaniswa nesamba esilinganayo samazwe anezimboni ezinstha afana ne- SouthKorea kanye ne-Finland.
Ukusesthenziswa ngendlela ubuchwepheshe obuvelele, kungumthelela obalulekile ekwehliseni izindleko emnothweni. Ngakhoke kubalulekile ukudala izindlela ezingasesthenziswa ekudluliseleni ulwazi kanye nobuchwepheshe emabhizinisini (ikakhulukazi ku- SMMEs).
Ukuthuthukiswa kwezimboni zamasiko.
Izinhlelo zoMnyango onyakeni wezimali ka - 2000/ 2001 zifake izinhlobonhlobo zemicimbi ezindaweni zomphakathi. Singabalula ukucacisela umphakathi ngesayensi, ukusungulwa kohlelo ukujovela ingculazi kuya ekuthuthukiseni kwenqubomgomo yezilimi kazwelonke kanye nokusungulwa kohlelo lwe-Oral History.
Ukonga kanye nokuthuthukiswa kwamagugu.
Amagugu yingxenye ebalulekile yobuzwe. IningiZimu Afrika inezakhiwo zamagugu ezithuthukiswe ngokwanele nanxa zitshekile (njenga- mamyuziyemu, imikhakha elawulayo) Ukuguqulwa kwalezizakhiwo kubaluleke kakhulu emnothweni kanye nasemasikweni.
Ukuhlanganiswa kanye nokuqiniswa kwemuziyemu emihlanu eKapa eyomlando wezemvelo kanye namagalari amathathu. amathathu e-Gauteng: eyomlando wezemvelo, eyomlando wamasiko, kanye neyomlando wezempi, sekwenze kwabonakala inzuzo enomehluko omkhulu.
Isithuthukisiwe futhi yethulwa kwikhabinethi Lendlela itshelwe ngendlela yokulinganiswa phakathi kwezilimi ezingu 11 zase Ningizimu Afrika njengoba kuqinisekisa umthetho sisekelo. Le ndlela inikezelwe indlela elingene yokujikeleza phakathi kwezilimi. Ohlelweni, isigaba ngesigaba kulindeleke ukuba siqale ukukhuphula ukugcwalisa ukungafani kolimi.
Ulwazi lwemvelo/ lwasekhaya ngakwelinye icala lungaba umyombo wokukhula kanye nentuthuko. Ngakwelinye icala lusengozini yokuthi luxhashazwe ngamazwe angaphandle angenaluzwelo ngokulusebenzisa okunganikinzuzo emphakathi olwazi lungolwawo. I-Ethnomedicine kanye ne-enthopharmacology, kuqiniseka ukusebenziswa kwezitshalo, izilwane kanye nomcebo wezamasiko kanye nokuhlonipheka kwezinkampani, imvelo yokudla izitshalo, indlela amasiko aphathwa ngayo kanye nokudalwa/ ukwakhiwa kwezinto ezithile. Kunesikhwama sokothuthukisa ucwaningo lolwazi lwezemvelo kanye nemithetho ebekiwe ngaphansi komthetho we- Human Research Council ukuze kuthuthukiswe kuphinde kuvikelwe ulwazi lwemvelo/lwasekhaya.
Ubudlelwane namazwe omhlaba ukuthula kanye namaqoqo ezokuvikela.
Lemibono yashitsha kanjani yaba yizenzo ngonyaka odlule?
Umnyango ususungule indlela yezokuphatha eqinile eholwa ngungqongqoshe, nesekela likangqongqoshe kanye nomQondisi Jikelelele. Indlela yemihlangano yabaphathi kanye nendlela yokwethula izethulo kanye nokuphathwa kwezamakhono abantu sekuthole ukunakekelwa okukhulu ngenxa yomsebenzi weqembu elisha lezokuphatha i-HR. Njengoba kusho umbiko we- Human Resource zonke izinhloso zokumelwa kwabaphathi sezifeziwe.
Sikholwa ukuthi inhloso ebalulekile yazo zonke izingxenye ezixhaswe yi-DACST (isayensi, ubuciko, amagugu, izilimi) ukuba zihlanganise indlela yokuphatha nesuselwe kumbono ofanayo nentshisekelo ukuhloniphnana kanye nokuthembeka.
Ulwazi kanye noMnyango.
Lezi zizinda kumele zakhe inqubomgomo ezokwamukela futhi yonge zonke izimpahla noma ngabe ezinhlobeni ezingaphansi kwesandla sabo, ngisho amaspeciments, ukuqoqwa noma iziphi ezinye izimpahla kufanele bengamele yonke impahla ka-hulumeni enokuthatheka noma enikezwe abantu base Ningizimu Afrika.
Lezi zindawo zomiphakathi ezilandelayo isabelo sazo sezimali noma ukuxhaswa okufakwe kubakaki zethula imibiko yazo kungqongqoshe wezobuciko, amasiko, isayensi kanye nobuchwepheshe.
Ezinye izikhungo eziyishumi nanye nezibusa ngemithetho nazo zethula imbiko yazo kungqongqoshe.
Ngokwe Section 21 ye Companies Act, ka- 1973 izizinda zobuciko zisiza ukwakha izimboni zobuciko zibheke ukuthi zitholakala kalula, iqophelo eliphezulu, ukuhlukahlukana kanye nokulungisa isimo / ukubuyisela isimo endaweni. Zigqugquzela intuthuko kwizizinda zobuciko ezinhlobonhlobo.
Isigungu sikazwelonke sezobuciko.
Ngokomthetho we- National Arts Council ka- 1997, umkhandlu ulungiselela amathuba ukuze abantu bekwazi ukwenza futhi bajabulele ubuciko. Umkhandlu uphinde futhi uthuthukise ezobuciko emphakathini, uphinde ugcizelele ukuqhama ngobuzwe ngokusebenzisa ubuciko, uphinde uthuthukise ukukhululeka kobuciko, uphinde unike amathuba abantu ababengenawo ngaphambili ukuthi bekwazi ukufinyelela kwezobuciko. Omunye umsebenzi uhlanganisa ukulungisa amadala ngokunika ingqalasizinda futhi uphinde uthuthukise ubuzwe kanye nokuxhumana nomhlaba.
Amalibrary aqwashisa futhi alondoloze amagugu kazwelonke abuye anikeze usizo ezindabeni/ ezintweni ezifuze lezo. Zifaka iLibrari kazwelonke yabangaboni, enikezela ngemisebenzi ephathelene nolwazi kanye nelibrary.
Ungqongqoshe wethula imithetho sivivinywa emithathu kwi-Sishayamthetho ngesikhathi sokwethula umbiko.
Wamhlangana nabanentshisekelo kwezobuciko kanye namasiko begcizelela ukubaluleka kolwazi lwesintu kanye namafilimu.
Umthetho kazwelonke wama wezinqolobane zaseNingizimu Afrika.
Umthetho wokwakhiwa kwezimpawu.
Umthetho wesichaza mazwi solimi lwesibhunu.
Umthetho webhodi ephethe izilimi zaseNingizimu Afrika.
Umthetho wokugqugquzelwa kwamasiko.
Umthetho wezikhungo zamasiko.
Umthetho wokuthuthukisa amasiko.
Umthetho kazwelonke wezigcina zincwadi zabangaboni.
Umthetho wesigungu samagugu kazwelonke.
Ziyisithupha izingxenye ezisemqoka uma kuchazwa isu eliwumkhombandlela woPhiko. Lezizingxenye zimi kanje : Izikhungo zokuPhathwa kweZobuciko, ezokuThuthukiswa kwaMasiko, aMagugu, ezokuXhumana kwamazwe Omhlaba, Inhlangano kaZwelonke yoKusetshenziswa Kolimi kanye neziNqolobane ziKazwelonke. Izinto ezesemqoka ukulethwa kwezinto ezisiza umphakathi futhi zenziwe zihambisane nemizamo yokuphathwa kahle kwesabelo sezimali zezikhungo emkhakheni wobuciko kanye namasiko. Ngaphezu kwalokho, i-DACST ithuthukisa izinhlelo zezenzo ezihambisanayo zokuthuthukisa futhi ziqguqguzele ezokuvakasha ezicike emasikweni akuleli. Ezokuthuthukiswa kwaMakhono Abantu (Human Resources Development), ikakhulukazi ekuqeqeshweni kwezokungamelwa kwezobuciko kanye nasekuphathweni kwezikhungo ezihambisana nezamaciko, ziyaqhubeka ukuthola ukunakekelwa okuthe thuthu.
Ngenxa yokuthi izimboni zamasiko ziyingqikithi yamasu kaHulumeni kwezokuthuthuka, i-DACST izoke igxile kulomkhakha. Lokhu kusho ukuthuthukiswa kokubambisana phakathi komphakathi kanye nezimboni ezizimele, ngokukhandwa kohlaka lokuthuthukisa imikhandlu yokudayisela amanye amazwe, kuphinde futhi kulethelwe izimboni zomculo kanye nezamafilimu, izinto ezimbili ezithuthukisa ezomnotho ukuze kuzuze izimboni zamasiko.
Ukongiwa kanye nokuthuthukiswa kwezamagugu kunikeza inkundla yezamasiko emelele wonke umuntu waseNingizimu Afrika. Ukuthuthukiswa kwecebo likazwelonke ukuze kuvuselelwe iminyuziyemu ezindaweni zokuhlelwa, imibukiso ukwethulwa kwezinto ezisiza umphakathi kanye nezinhlelo zemfundo enye indawo ebhekiwe ngenxa yokuthi ingaba namandla yokuba nezinhlelo eziphapheme ekuvezweni kwesithombe mayelana nezamagugu aseNingizimu Afrika.
Ukuthuthukiswa kwamandla ezomnotho ezobuciko kanye nezamasiko, ngalokhoke kunciphisa ubuphofu.
Ukuthuthukisa amandla obuciko kwezokufundiswa kanye nokuqeqeshwa kanye nokuxhasa imicimbi ebanzi yezobuciko.
Ukwakha imboni engeke iphele yobuciko esamdlalo egxile ekutholakaleni kalula, yezinga eliphezulu, ehlukahlukene kanye nelinganisayo kuleyomiphakathi eyayingenawo amathuba, ukuze kuqguqguzeleke inqubekela phambili kanye nokugujwa kwawowonke amagugu asamdlalo aseNingizimu Afrika.
Ukudala amathuba kwezobuciko ikakhulukazi emiphakathini ebingenawo amathuba ngaphambili, ukulingana ngobulili, intsha kanye nabakhubazekile.
Ukuzama ukuqhakambisa izinto esiziqhenya ngazo kanye nokuvikela amalungelo ngokugcina izinqolobane kanye namagugu esikwazi ukuwabona siphinde siwalalele ukuze asetshenziswe ngabantu kanye noHulumeni waseNIngizimu Afrika ezingeni likazwelonke.
Ukuthuthukisa izinga eliphezulu, ukuzibophezela kanye noHulumeni ophethe ngokungenamfihlo ngokusebenzisa izindlela eziphezulu zokuphatha kanye nokugcina amabhuku.
Ukuthuthukiswa kwezilimi zonke kanye nokuthuthuka kolimi kanye nokuphathwa ngendlela kokuhlukana kwezilimi ngokusebenzisa umgomo wolimi kanye nezenzo zokuhlela.
Ukuqinisekisa ukuthuthuka ngokulinganayo kanye nokugcina, ukongiwa, ukuvikeleka, ukuthuthukisa kanye nokwenza waziwe umlando wethu sonke, izimpawu zikazwelonke kanye namagugu.
Ukuthuthukisa uhlaka lokusebenza olufanayo lwenzelwe amaBhodi ezikhungo zobuciko okusamdlalo.
Ukuqinisekisa ubukhona beNingizimu Afrika ezingeni lomhlaba lobuciko kanye namasiko, futhi kuphinde kunakekeklwe izivumelwano nezwe ngalinye kanye nezamazwe onke, kanye nokushinsthwana ngubuciko namasiko okuvela ezivumelwaneni.
I-Cultural Industries Growth Strategy (CIGS) yaqala ngonyaka ka-1997 ukuze iphenye futhi izame ukusebenzisa amandla emisebenzi yezandla, umculo, amafilimu kanye nomabonwakude (tv), kanye nezimboni zokwazisa ukuze zibambe iqhaza ekuthuthukeni komnotho waseNingizimu Afrika.
Ukuthuthukiswa kokubambisana phakathi komphakathi kanye nabazimele.
Ukuthuthukisa kwezindawo zokudayisela.
Izinhlelo eziqgamile zemisebenzi zezimboni ezine.
Ukusetshenziswa kwesiko njengethuluzi lokuvuselela impilo yesemadolobheni.
Ukusungulwa komkhandlu wezimboni zokubhala eziwuxhaxha.
Ukusungulwa kwesonto lonke lezomculo wakuleli.
Ukukhanda isisekelo sokuthuthukiswa kwemikhandlu yezokuhwebelana namanye amazwe ezimbonini ezithintana namasiko.
Ukuxhasa inhlangano kazwelonke ebhekene nokuthuthukiswa nemisebenzi yezandla.
Ukwenza ucwaningo oluhlanganisa ukushicilelwa kwencwajana yabantu abenza imisebenzi yezandla, ukwenza ucwaningo ekwakheni ubuhlalu obuyingilazi kanye nomthelela obekhona ngenxa yesonto lezomculo waseNingizimu Afrika.
Umnyango uye wanweba umbono we-CIGS ukuze kuhlanganise amaqhinga okubambisana ezweni lonke ukuze kukwazi ukusebenzisana neminyango ehlukene kaHulumeni njengalezizinhlelo ezilandelyo.
Ukuvuselelwa kwamadolobha ngezobuciko.
ukwaluleka kunomangabe isiphi isinyathelo esingathathwa ekuthuthukiseni imboni yomculo.
Ngonyaka ka-2000 I-DACST yabelwa imali okokuqala neyayiphuma ohlelweni lokuqedwa kobuphofu/ kwendlala ngumphathi sikhwama kazwelonke. Kunomqondo ohlumayo eNingizimu Africa kanye nakuwo wonke umhlaba, wokuthi amasiko angadlala indima ebucayi /ebalulekile entuthukweni ekwakheni amagugu ayohlala njalo, ayogqugquzela izimboni zamasiko noma ebheke iqhaza isiko elinalo ekuchazeni ubuthina futhi kusinikeze amandla.
Isiko linamadla okuthuthukisa izinto umphakathi oziqhayisayo ngazo futhi ithuthukise nokubambisana emphakathini waseNingizimu Afrika.
Isiko liyimboni ehlanzekile.
Ukwaka amathuba emisebenzi eyandisa imali futhi ayipheli.
Isiko linamadla okuthuthukisa imiphakathi enempilo.
Izihlelo eziqhakambisa ubuciko bendabuko obunhlobonhlobo.
Izinhlelo ezinikeza ukuqeqeshwa kwamabhizinisi kulabo abenza umsebenzi wamasiko.
Loluhlelo lwalubhekiswe eqophelweni eliphakeme / eliphezulu lokukhiqizwa kabusha komsebenzi wezandla wendabuko (Traditional Zulu Craft) njengokunitha, ukuqoshwa/ ukubazwa kokhuni, umsebenzi wensimbi, ukusentshenziswa komlilo, ukwenza obhasikidi, ukukwenza amahawu, ukubazwa / ukuqoshwa kwamathambo, kanye nokubunjwa kwezinkamba.
I-CSIR yaqokwa ukuba yenze ukukhiqizwa komsebenzi wezandla ube sezingeni lamabhizinisi futhi unikeze ingosi yokuthuthukisa umsebenzi wezandla emiphakathini.
Imishini yokuqopha esezingeni elephezulu yaxhunwya e-Playhouse ukuze igqugquzele abaculi basekhaya ukuba baqophele ekhaya kunokuba baye Egoli. Kanye nokunikeza abaculi abangadumile ithuba lokuqopha umculo wabo ukuze bathuthukise amakhono abo.
Kwahlelwa imibukiso kanye nemigidi yamasiko.
Kunobufakazi obuningi ukuthi amagugu kanye nokuthuthukiswa kweminyuziyemu kungabamba iqhaza ezinhlelweni zokuthuthuka komnotho, kungaba uhlelo lwezokuvakasha noma ukuvuselelwa kwezindawo ebesezithanda ukuwa futhi zishintsha.
Ababamba iqhaza bathola ukuqeqeshwa ngolwazi lwamabhizinisi kanye nokumaketha kwa- IMM. Equgcineni labo abaqeqeshwa bakhokhelwa ukuthi badlulisele abakufundile kwamanye amalunga omphakathi.
Ngo-December 2000 i-DACST yabelwa enye imali neyayizoyisebenzisa iminyaka emithathu ezinhlelweni ezithembisa ukuthi zingawakha amathuba emisebenzi futhi zinciphise indlala / ubuphofu.
Isigungu Sokuthunyelwa komsebenzi wezandla emazweni angaphandle.
efana nokuthuthukiswa komkhiqizo kanye nokuqinisekisa izinga lomkhhiqizo eliphezulu, ukuphathwa kwamabhizinisi, ukwandiswa kwezimakethe kanye nokudayisa.
I- DACST yaqoka iSigungu siKazwelonke semisebenzi yezandla ngenjongo yokuthuthukisa incwadi yolwazi ngemisebenzi yezandla engasetsshenziswa kalula kanye nencwadi enamakheli ezindawo ezinababazi. Ngalencwajana kuqondwe ukuba kuxazululwe izinkinga zokutholaka kwezinto kalula kanye nobunzima bokungatholakali kolwazi ngababazi.
Umbukiso wesikhombisa wamazwe ngamazwe wezobuciko kanye nemisebenzi yezandla e-Ouagadougou (SIAO 2000).
Indawo okwakukhangisa kuyo i-Ningizimu Afrika yazuza umklomelo wesibili yaba enhle kunanazozonke ezazimele amazwe. umbumbi wesitolo I-Potter esiseKapa wazuza umklomelo wesibili ohleni/ emkhakheni wezitsha ezibunjiweyo. Kanti ubhasikidi wesiZulu owenziwa umndeni wakwaNdwandwe kwaZulu Natali wazuza umhlomelo wokuqala emkhakheni wokwalukwa kwezimbenge embukiwseni oyisipesheli wamakhono.
Ngaphezu kwalokhu, uhulumeni wesifundazwe wakwazi ukuthola inkontileka nabadwebi bokuxhakaxhaka bezindlu ukuze kwakhiwe izakhiwo ezintsha zikahulumeni wesifundazwe saseMpumalanga. Abesimame abangamashimi ayisithupha baqeqeshwa emisibenzini wobuhlal, ukuthunga, ukuhlanganisa imibala kanye nokwenza umsebenzi ophezulu ekukhiqizeni izindwangu ezinemibala ngomlando wesefundazwe saseMpumalanga . Lendwangu manje izoshintsha ifane nesahkiwo sesishayamthetho sesifundazwe.
Umsebenzi wezandla kanye nobuchwepheshe. Lombungazwe wakwazi ukuqhakambisa leli futhi kwakhandeka isithombe esihle ngaleli emazweni omhlala.
I-Dacst yanikela ngemali ewu R500 000 ekusizeni ekuthuthukiseni amakhono kulabo abenza imisebenzi yezandla kanye nemigubho ehlukene egxile emasikweni. Abangamashumi amathathu abenza imisebenzi yezandla baqeqeshwa ekuphatheni amabhizinisi, amakhono kanye nasekuthuthukiseni imikhiqizo yabo, loluhlelo lokuqeqesha lwathatha izinsuku ezilishumi (10 days). Abezomdlalo weshashalazi bona baqeqeshwa azinsulu ezingamashumi amabili ekufundisweni ukuhlanganisa imisebenzi yabo ngokwenza amaqembuqembu.
Abenza imisebenzi yezandla bakhethwa ukuze baqeqeshwe futhi benzelwe nohlelo lokubathuthukisa olwathatha izinyanga eziwu-12. Okungqamile ngaloluhlelo kwaba ngomhlaka 6 kanye no 7 ku-April lapho okwaba khona ingqungquthela yabenza imisebenzi yezandla. Abathengi abaningi bempahla eyenziwe ngezandla nabadayisi babekhona. Abenzi bomsebenzi wezandla badayisa impahla yabo, bathola ama-order kanye nokunye. Lomhlangano kuzoba owaminyaka yonke uzobheka ikakhulukazi labo abakade beqeqeshwa.
NgoDecember 2000 uhulumeni wathola ukuthi ingxenye ethile yezimboni eziphathelene namasiko zibaluleke kakhulu ekukhuliseni umnotho kanye nasekudaleni amathuba emisebenzi, Izimboni zokubaza , ezamafilimu kanye nezomculo sezizothola ukunakekelwa.
Izinhlelo kanye namasu okuthuthukisa izimboni eziphathelene namasiko.
Isithombe esilethwe iViki Lomculo Waseningizimu Afrika sikhombise ngokusobala ukuthi liyindlela enempumelelo okungahlanganiswa ngayo bonke abanentshisekelo ukuba basebenze ngokubambisana ezinhlelweni zokuthuthukisa imboni yezomculo. I-DACST izoqhubeka nokukweseka / nokuxhasa I- South African Music Week inqobo -nje uma izohlanganisa lemboni ukuba isebenze inenhloso efanayo futhi yenyuse ukudayisa komculo waseNingizimu Afrika.
Umgomo wezokuxhumana kwamazwe omhlaba kwezamasiko.
i- INCP uhlelo longqongqoshe bezamasilko abavela kuwo wonke umhlaba. Ukwehlukana ngamasiko yikhona okubonakala kuyingqinamba enkulu ebhekene nokuthuthukiswa kwesiko kumazwe omhlaba kanye nasezingeni likazwelonke. INingizimu Afrika ibambe iqhaza eqenjini leziphathimandla elasungulelwa ukuba liqhubeke nokuthuthukiswa kwenqubomgomo yamazwe omhlaba ephathelene nokuhlukana kwamasiko. I-DACST iyona ezoba usokhaya womhlangano we-INCP ngo-September 2002.
Ezemfundo yobuciko kanye nokuqeqeshwa.
Abasebenzi kanye nabaqashi.
Abazoletha izidingo zophiko ukwengamela izinhlelo zokuthuthukisa uphiko.
Ukwenza izipahkamiso zalokho okumele kufundwe kanye nezinhlelo zokuthuthukiswa kwamakhono.
Ukwenza iziphakamiso nakwezinye izinto ezingakhulisa imizamo yentuthuko.
Ukwenza iziphakamiso nezinye izinhlelo zentuthuko ezingathathwa.
Ukwethula izikhalo kanye neziphakamiso.
Ukwenza izivumelwano kanye nelungelo lokushicilela.
Ukunikeza izeluleko kanye nokuqeqesha.
Ukwakha / ukuveza amathuba emisebenzi.
Ithemba lokuthi umkhiqizo uzodayiseka kanjani emazweni angaphandle ukuze kungene izimali zangaphandle.
Lokhu okulandelayo kwavela ophenyweni.
Ukunikezwa kwamandla ezomnotho.
Ukutholakala kolwazi jikelele.
Ezemfundo kanye nokuqeqeshwa.
Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi kunesidingo sokuba izakhiwo ezindala kumelwe zithuthukiswe ukuze zikwazi ukusetshenziswa yiwo wonke umuntu.
Inkulumo-mpikiswano ngesihloko Access-ability yamukelwa futhi yandisa nokuxhumana kubantu abangezwa ababeyithamele. Inkulumo mpikiswano yaveza ukuthi ukuze kuxhumaneke kahle kumphakathi okhubazekile kanye nalowo ongakhubazekile kumele kubekhona ukubhekelana ngezindlela ezahlukene: ukufinyeleleka kalula ezakhiweni, olwazini, nakuzozonke izinto ezibhekene nenhlalakahle yabakhubazekile.
Lelikhonsathi laba isicongo sokuveza amakhono abantu abahlukahlukene, abakhubazekile beqhamuka kuwowonke amasiko kanye nezifundazwe. I-Playhouse okwakubanjelwe kuyo umcimbi yakwazi ukubhekelaizidingo zalabo abahamba ngezihlalo.
Ezinhlelweni zayo zokuthuthukiswa kwenquboMgomo I-Subdirectorate yagxila ekuthuthukisweni kwezinhlelo ezihlanganisa amasiko ahlukene. Lezinhlelo zimbandakanya ukuqwashisa ngendlela abantu abaphila ngayo nevezwa izinto ezingamagugu kubo, izakhiwo zabo, kanye nemikhuba yabo. Isibonelo ubuchwepheshe kanye namagugu. Ukuthuthukiswa kwenqubomgomo kufaka ukuhlela ukusetshenziswa kohlelo kanye nokulawula. i.e ukuthuthukiswa kokuhlaziywa kwamasiko ngokuxhumana ukuxilonga kanye negalelo lohlelo.
Ngonyaka wezimali ka-2000/ 2001 kwaxhaswa izinhleloeziningi ngesamba esingu R650 000, ezindaweni ezibaluleke kakhulu njenge HIV/AIDS, ukudluliselwa kwamadla kwabesifazane, ukuqiniswa kwentsha ukuthuthukiswa kwamakhono abantu kanye nokunqandwa kobugebengu.
Ukwakhiwa kabusha nokuhuthukiswa kwezindlela zobuciko.
Amathuba emisebenzi kanye nomnotho.
Ukuqiniswa kwamandla okusebenzisana phakathi kwamabhisinisi nobuciko.
Ukusungula ukubambisana okuzodonsa isikhathi phakathi kwamabhisinisi nobuciko.
Ukwakha inkundla yababhali abangabafundi besifazane.
Ukuthola uvo lomhlaba ngendawo yabesifaszne ekubhaleni.
Ukubamba iqhaza osukwini lukazwelonke lwabesimame.
Ukushicilelwa kwezinkulumo ezithuliwe.
Ukucubungula iqhaza labesifazane basemaphandleni.
Ukubheka amathuba okwenzeka.
Ukusungula isizinda sokushicilela abesimame.
Ukuhlela kanye nokufaka izinhlelo ezizodonsa isikhathi ngoba ziyingxenye yesiko elingusingaye.
ukusebenzisa amathuba amasiko ekwengameleni kohlelo , ukuxhumana kanye nokudayiswa kwezinto.
Ukwethula komcimbi oyimpumelelo onombiko wokulwa nobugebengu.
Ukusebenzisa izindawo ezintsha ukuheha ababukeli abasha abaningi.
Ukwenza bonke abaneqhaza ukuthi balwemukele loluhlelo.
Ukuhlanganisa amazinga ehlukene ukkuze kuthuthukiswe iqhaza abanalo kwezobuciko.
Ukuhlela kanye nokufaka izinhlelo ezizodonsa isikhathi ngoba ziyingxenye yesiko elingusingaye ingqungquthela yamazwe omhlaba yengculazi imihlangano ehlukahlukene yokuvulwa kwemilomo imithandazo ebhaliwe emaphepheni kanye izizingqwembe zabadwebi bamalungelo esintu.
Abantu abaphila nengculazi.
Ukukhiqizwa kwemidlalo yeshashalazi.
Ukubheka igalelo lezomnotho ezobuciko ezinalo ekubhekeleni inhlalakahle.
Ukuqinisekisa ukuthi wonke amasiko athola indawo ayifanela emphakathini.
Ukusungula ukuxhumana nokwandisa ukusebenzisana.
Ukukhiqizwa kwemiqangala yangaphakathi ezweni.
Ukuveza izikinga zomphakathi ngokucula , ukudansa, izikondlo, ukuxoxwa kwezindaba kanye nokunandisa.
Ukubheka izingqinamba esikweni mayelana nokufakwa kohlelo nokuqhamuka nezindlela zokubona ukushayisana okungavela nezokwazi ukukulawula.
Uhlelo lokuqeqeshwa nokuphathwa kwababukisa ngamaciko.
Ukuthuthukiswa kwesu lokwandisa amakhono okuphathwa kwababukisa ngobuciko ngama-NGOs kanye nezizinda zobuciko kuzwelonke.
Ukulawula kanye nokuqinisekisa.
Ukulandelela kanye nokubhekela intuthuko engavela.
Ukuhlela kanye nokufaka izinhlelo ezizodonsa isikhathi ngoba ziyingxenye yesiko elingusingaye.
Ukuvula izimakethe zemikhiqizo emisha ezoba nomthelela emnothweni.
Ukubuyisela ubunjalo bomphakathi ngezinto ozenzayo.
ukuvuselelwa komphakathi kwezomnotho, imvelo, nenhlalo.
Ukuvuselela nokufukula ubunjalo bomphakathi ngokusebenzisa izinto ozenzayo njengethuluzi loguquko oluletha ukwelapheka nokuvuseleleka.
Ukusungula ukusebenzisa ubuciko njengonto ebalulekile ekubhekeleni izindaba zomphakathi.
Ukuhlonza futhi kwandiswe ukubambisana ekwandiseni izinhlelo kanye nezimpahla ezidingakalayo.
Ucwaningo ngomthelela wemidlalo yeshashalazi ekuxhumaniseni abasengozini ngokomqondo kanye nokuveza amakhono empilo.
Ukusungula indawo yentsha ebikade incintshwe amathuba ngesikhathi yakha namathuba okubheka abazibukela phansi kanye namandla angenanhloso.
Ukucubungula okungenziwa abakhombisa ngobuciko njenge-thuluzi elingavimbela izingane ebungozini bokuguqukela ebugebengwini.
Ukuthuthukiswa kobuciko kanye namasiko.
Ukucwaninga kanye nokushicilelwa.
Ukugqugquzela ukushintshisana ngamasiko.
Itshe lesikhumbuzo labesifazane.
Ngo-April 2000 uNgqongqoshe uNgubane wajuba ithimba longoti ukuba laluleke ngesu likazwelonke ngokuqoqwa, ngokulondolozwa, ngokuvikela, ngokuthuthukiswa kanye nangokugqugquzelwa komculo waseNingizimu Afrika. Lelithimba lathintana nezifundazwe kanye nabanye abanentsisekelo / abathintekayo.
UNgqongqoshe ungubane waleseka isu elalibekiwe. Okubalulekile okwavela kulezizincomo ukuba kubenohlelo lokucwaninga ngenhloso yokuthola nokuqoqa umculo weiNtu.
Ziyishumi nambili izilimi esisemthethweni ngokomthetho sisekelo waseNingizimu Afrika. Ingqikithi yosuku lwamagugu esizwe ngo-2000 yayithi "Celebrate Our Multilingualism" lomcimbi wabanjelwa enkundleni yebhola lombhoxo eSifundazweni saseNyakatho. Njengokuba ukuhlukahlukana kwezilimi kubonakala emasikweni ethu anhlobonhlobo, ngalolusuku kwenziwa izinhlelo ezazixube imidlalo ephathelene namasiko asendaweni kanye namaqembu amasiko ayevela kwezinye izifundazwe esebenzisa zonke izilimi zaseAfrika. Ikhomishana yezemidlalo kazwelonke yabonisa imidlalo emibili eyimsinsi yokuzimilela.: U-Marabaraba kanye ne-Dibeke.
Inqubekela phambili eya oguqukweni kumkhakha wamagugu, ngezinhlelo zokulinganisa noshintsho olubonakalayo ezakhiweni ezikhona, inesilinganiso. I-DACST ibe seyibamba Ingqungquthela kazwelonke yezamagugu (National Heritage Indaba) ngomhlaka 16 - 17 ku-March 2001 eyayigxile kulezizinto ezibalulekile kumkhakha wamagugu: abantu, izinto eziqoqiwe kanye nemibukiso, ukuxhumaniseka , ukusetshenziswa ngokuphelele kwemithombo ekhona kanye nokuheha izethameli. Izincomo zalengqungquthela njengamanje zenziwa uhlelo oluphelele lokuthuthukisa, nokuguqula umkhakha wezamagugu eminyakeni emithathu kuya kwemihlanu ezayo.
Lezikhungo zethula imibiko egcwele minyaka yonke; etholakala khona ezikhungweni futhi. I-DACST ixhasa lezizikhungungo unya nonyaka.
Ukuhlanganisa kanye nokubeka imigomo yokwakha ikomidi lokuqanjwa kwamagama kwisifundazwe ngasinye.
Ukwamukela, ukuphenya kanye nokwenza izincomo ngokuqanjwa kwamagama amasha nangezinguquko emagameni akhona okulethwe ama- PGNC kanye namanye amaqembu ukuze agunyazwe nguNgqongqoshe.
Ukuqoqa nokushicilelwe uhla olosemthethweni lwamagama agunyaziwe.
Emhlanganweni ngamunye umkhandlu ucwaninga amagama alethwe kuwo ukuze agunyazwe, elethwa iposi, ohulumeni basekhaya , abathuthukisi bezindawo kanye nabanye abanentshisekelo. Angu -142 amagama asegunyazwe nguNgqongqoshe futhi aseshicilelwe kosomqulu bakahulumeni elandelayo.
Isigungu sesiqalise uhlelo lokubuyekeza amagama ayengalethwanga ngaphambilini ukuzogunyazwa. Amagama atholakala evusa uhlevane futhi enokucwasa ngokobuhlanga adluliselwe kubantu abaqondene nasemiphakathini ukuthola uvo lwabo nokubheka angangena ezikhundleni zawo.
Izinkomba zemisebenzi edluliselwa kubantu.
Ingqungquthela yokugqamisa iqhaza elabanjwa abantu abamyama empini.
Ukubekwa kwamasu okuvikela , okuqhakambisa kanye nokuthuthukiswa komculo wasekhaya.
ukuqokwa kwethimba elinegunya lokwakha isu likazwelonke.
Kwabakhona i-Nationl Heritage Indaba eyayigqugquzela izindaba zoguquko ukulinganisa kanye nokulungisa.
Ukugunyazwa nokushicilelwa kusomquluu kahulumeni amagama angu 142.
Izinkambo ezimbili ezithathiweyo ukuqiniseka ukuthi I- ASGNP iyahambisana nokuphambili okwenziwa kumazwe omhlaba.
Emzanyweni yokudayisa ubuciko namasiko aseNingizimu Afrika emazweni aphesheya umnyango walekelela amanxusa aseNingizimu Afrika kwamanye amazwe ukugubha usuku lwenkululeko.
Venezuela: Abenzi bezithombe ezenziwe odongeni, uMnumzane Maqashela kanye noNkosazane Florence Nzimande, babenywa ukuba baqophe isithombe esifanekisa / esilandisa ngomlando wezithombe ezenziwe odongeni kanye nokuthi zisetshenziswa kanjaniekuvezeni ububi bobandlululo eNingizimu Afrika.
Umthwalo wokuqala woMnyango ukufaka futhi uhlanganise imikhakha eminingi NGOs, izizinda zokucwaninga kanye nemiMnyango yezifundazwe yamaCiko kanye namaSiko kulemigubho.
Lelithimba leziphathimandla lasungulelwa ukuba liqinisekise ukuthi uguquko lwenzeka ngendlela efanele, nangokomgudu wezinhloso zikaHulumeni, nokuthi futhi liqinisekise ukuthi izizinda zobuciko zohlala zinomthwalo wokubheka ngendlela izimali zomphakathi. Izizinda zisungulwe wuMnyango ukuba zibe izithunywa zokuletha izinguquko, intuthuko kanye nokuthuthukisa ubuciko. Seziphinde futhi zengezelwa umthwalo wokuba zabe izimali zikaHulumeni kwezobuciko, ukudayisa izwe emazweni omhlaba kanye nokudala ukutholakala kwamathuba kwezobuciko kwayo yonke imiphakathi yaseNingizimu Afrika.
Uhlaka lukazwelonke lwezokuboniswa kwamaciko asamdlalo.
Ingqikithi yomgomo wobuciko ukuqinisekisa ukuthi izinguquko eziyisibopho/ eziphoqayo ziyafezeka futhi zihlala zikhona njalo. Okwamanje uMnyango uthintana nababonke abathintekayo ukuqinisekisa ukuthi imibono iyatholakala ukuze kuphothulwe inqubo mgomo.
Isigungu Sikazwelonke saMaciko (National Arts Council) yenze indlela entsha yokuxhasa ngezimali neyibeka ohleni lokuxhasa imisebenzi kazwelonke enohlonze. AmaWorkshop ayechaza futhi ecacisa ngalendlela enziwa kuzozonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye.
Ezinye izingcezu zokuxhumamanisa komthethosisekelo zisebenza ndawonye nomthetho wokudweba/ wokufanekisa kanye nokuchaza ngomgudu wezinqolobane zomphakathi zezwe . Ngonyaka ka 2000 kwamenyezelwa umthetho omaqondana nofakwa kwezimali okusemthethweni, inqolobane kazwelonke kanye nokubusa ngentando yabantu evulelekile.
Izindawo zokubeka kanye namasenta okuqopha / okushicilela.
Ukudlulisela kwemininingwane yomphakathi.
Ngezizathu ezibikwe ngenhla izinqolobane zomlando zihlangabezana nobunzima ekuphatheni ngokukhalima ukudluliselwa kwemininingwane yomphakathi okuhlelekileyo. Ngezizathu esizithinte ngenhla.
Ukudluliselwa okuningi kuze kwahlehliswa ngenxa yenkinga yendawo.
UMthetho waseNingizimu Afrika wezinqolobane ufuna ukuthii zinqolobane zigcizelele inzuzo ekuqoqeni izinto okungezona ezompakathi omphakathi ngoba lokhu kuyogcwalisa izikhala ekubambeni kwabo imininingwane yomphakathi. izinqolobane seziseqalise izinhlelo ezinhlobonhlobo zomlando oxoxwayo, ukuqinisekisa ukuthi ingxoxo njengesiko lemvelo kanye nomtapo wamagugu, ingalahleki. ngo-2000 uhlelo lukazwelonke lomlando oxoxwayo (National Oral History) luholwa uMnyango futhi luxhunyaniswa izinqolobane lwasungulwa. Lokhu kwakungukupheleliswa kohlelo lokuqala lomlando oxoxwayo nolwabikwa ngo-1999.
Kusenezithiyo ezikhona ekutholakaleni kwemininingwane, neyadalwa ngokomlando wubandlululo. Ngakhoke umthetho uphoqa izinqolobane ukuba zithole izindlela zokuxazulula lenkinga ngokugcizelela amalinge alungisayo nahlose ekutheni afinyelele kumalunga omphakathi anamathuba amancane. Zonke izinqolobane / izindawo zokugcina imininingwane ezakha izinqolobane zangena ezinhlelweni zokwandisa ulwazi eziningi ngonyaka ka-2000. lezinhlelo zazifaka amahora engeziwe ukulungiselela abantu abasebenzayo, ukuvakashela amaqembu, imibukiso, izifundo ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukwethula amapepha (Conference Papers) ama-workshops.
Izinqolobane zenza izinsiza ezisiza ekwethuleni abafundi basezikoleni ezinqolobaneni zesizwe. Ngonyaka ka-2000 Isinsiza zokufundisa zanikwa isivivinyo ezikoleni ezahlukene ezifundazweni ezimbili. Okwamanje loluhlelo lwenziwa ngokubambisana noMnyango weZemfundo. Kucatshangwa ukuthi lomgodla izoqaliswa ekupheleni konyaka ka-2001.
Umthetho ufuna ukuba izinqolobane zigcine amaregista kazwelonke. Ngo- 2000 kwaphethwa izaluleko eziyisishiyagalombili, kwi-rejista kazwelonke, amatshe aqoshiwe amane , kanye nohla lwezincwadi eziyisishiyagalolunye . Lokhukukhiswa kwezincwadi kwenza ngcono umsebenzi wokuqhathanisa kanye nokotholakala kwemininingwane.
Izinkinga ezatholakala ekuqaliseni igunya elisemthethweni lokubuyiselwa kwezinqolobane zolwazi olungumlando yizona zingqinamba ezinkulu/ ezibalulekile. IziNqolobane zikazwelonke zintula amandla okusebenzisa ukuphathwa kwemininingwane aemazingeni esifundazwe kanye nasemakhaya. Ngakhoke Ukwakhiwa/ ukunikezwa kwamandla, kolwazi ezifundazweni kubalulekile.
Ukuqeqesha abasebenzi abaqhamuka ezinqolobaneni zaseMpumalanga kanye nasezifundazwei eziseNingizimu Afrika, isibonelo ezisuka Ebotswana.
Umsebenzi wokuqala: ukusatshalaliswa kwemisebenzi yokuphathwa kwemininingwane / yamarekhodi ukuze kuxhaswe ukusebenza kwekhomishana yamaqiniso nokubuyisana.
Ubunyoninco bokwakha izimpawu nobuhlukile baseNingizimu kuhlanganisa / izimpawu eziningi ezithaththwe emasikweni ahlukahlukene omphakathi, sekuze kwaba uphawu emazweni omhlaba entuthukweni yokwakha izimpawu.
Ngo-2000 lengosi yaba nempendulo ohideni lwemibuzo mayelana nefulegi kanye nezinto ezithinta ukuhlangana kwezizukulwane ngaphakathi eNingizimu Africa kanye naPhesheya.
Ukuxhumana namazwe omhlaba.
Ukuxhumana namanye amazwe kuhlale kukhona mayelana nezimpawu , ifulegi kanye nezinye izikhulu emhlabeni ezibhekene nezimpawu. Ngakho ukunikezwa kwezeluleko ezimpawini nokuhambisana nakho ezinhlanganweni eziphesheya kuwumsebenzi walengosi. Umsizi womgcini wezwe wathamela umhlangano womhlaba kwelase-France, yilapha ethula khona iphepha mayelana nohlelo olusha lwezifundazwe kanye nezwe lonke kweze- Coat of Arm.
Ngombiko wonyaka usozimpawu wezwe wathatha umhlalaphansi, kodwa wacelwa ukuba aqhubeke kulelozinga ngasese kuze kuqokwe owayezomlandela.
Umgomo wolimi kanye nohlelo lweNingizimuAfrika kanye nomthetho sivivinywa wezilimi zaseNingizimu Afrika.
Inhloso yenqubomgomo yolimi kanye nohlaka lweNingizimu Afrika ukulekelela ukuhlomisa umuntu ngamunye nezwelonke, ngokuthi ithuthukise ukusetshenziswa kwazozonke izilimi ezisemthethweni, nokuqiniseka ukuthi abantu baseNingizimu Afrika banenkululeko yokusebenzisa ulimi abazikhethele lona.
Ungqongqoshe waketha abeluleki ukuba balungise uhleka lwenqubomgomo yolimi kanye nohlelo lweNingizimu Afrika olwethulwa , kanyekanye nomthethosivivinywa, kubobonke abathintekayo emhlanganweni owabizwa ngokuthi I-Second Language Indaba owawuseThekwini ngo- March 2000. Emva kokufakwa / kokungeniswa kwemibono yabo iNqubo mgomo yezilimi kanye nohlaka lwaseNingizimu Afrika (Language Policy) lwethulwa kwi -Khabhinethi yophiko lwezenhlalakahle ngo-13 September 2000. Ikomidi lenza iziphakamiso zokuba kuqhutshwe izingxoxo ezintweni ezazilethiwe kanye, beqikelele ubumqoka bezwe kanye nomthelela obanzi ezimalini.
Emva kwaleziziphakamiso kwenziwa ukuhlola okunohlonze/ okugcwele eminyangweni kahulumeni kazwelonke kanye nasezifundazweni ukuze kubonakale isimo sezakhiwo/ sezingqalasizinda zolimi ezikhona.
Isilinganiso sezindleko zenqubo ehlongoziwe/ ephakanyisiwe senziwe ngokuhlanganyela noMgcini zimali kazwelonke (National Treasury). Ibhuku elibukeziwe lizokwethulwa kwi-Khabhinethi ngo- September 2001.
Ekuvumelaneni nenqubomgomo yolimi kanye nohlaka / nesu / labasebenza ngezilimi zaseNingizimu Afrika kwalungiswa umthetho-sivivinywa ngokuhlanganyela yezilimi zomdabu/ zemvelo/ zesintu zaseNingizimu Afrika (PANSALB) futhi kwabanenkulumo mpikiswano kwi- Indaba yezilimi yesibili ngo-March 2000. Inxosongqangi yomthetho sivivnywa - ohlongoziwe ukusungula isigungu esizo hambisa ngomthetho iprofeshini ngokuthi yengamele/ iphathe ukukethwa kanye nokubhaliswa kwabasebenza ngolimi njengabalobi, abahleli, otolika kanye nabahleli mamagama asetshenziswa ezindaweni ezithile.
Ukuqwashiswa kwabantu ngokubaluleka kwezilimi.
Ungqongqoshe ngokuhlanganela nongoti bezilimi.bajuba/ baqalisa uhlelo lokuthuthukisa ababheka ukuthi amagama abhaleke ngokuyikho yini kwizilimi zesintu eziyishumi.
I-Subdiractorate yajuba ukuhlolwa okwakuqhekeza umhlabathi kuqoqwa ulwazi kuzo zonke izilimi ezisemthethweni njenge-Khoe, San kanye nezilimi ze-Nama zaseNingizimu Afrika, kwenzelwa Umbiko Wamazwe Wezilimi (UNESCO) nozoshicilelwa ngo-2001. Inhloso yombiko we- UNESCO World Languages ukuchacisa ukuhlukahlukana ngokwezilimi kwamazwe kanye nokusungula kokwengamela / kokuphathwa kwamagugu ezilimi zomhlaba okufaneleyo. Ukuhlola nokubhekana neninto ezibanzi nezinhlobonhlobo eziphathelene nezilimi eziseshenziswa eNingizimu Afrika, njengolwazi lwejiyogilafu, izingxubevange kanye nezinombolo zabakhuluma ulimi.ngalunye, Ukusetshenziswa emnothweni yimiphakathi kanye nesiko lokufunda. Lolulwazi selufakiwe kwi-Database ephathelene nezilimi zaseNingizimu Afrika.
Lengosi encane yagcina futhi yabuye yaphucula I-Database ecomprehensive ezintweni eziphathelene nezilimi eNingizimu Afrika. I-Database ifaka uhla lwezilimi kanye nomthetho ophathelene nezilimi eNingizimu Afrika, ukuhumusha, kanye nemisebenzi yokutolika/ bureaux, abasebenza ngezilimi abazimele, izizinda zokuqeqesha abahumushi, amaqembu anentshisekelo yezilimi, bonke abathintekayo kanye namakomidi ezilimi.
Inhloso ngqangi ye-Subdiractorate ukuxhumanisa ukukhishwa /ukukhiqizwa kwamatemu kanye ukunakekela usizo oluvela ngaphandle, ukwakha ubuhlobo nabazimbandakanyayo kanye nabathintekayo kanye nokusabalalisa uhla lwamatemu kwabawasebenzisayo, kubathengi kanye nakumacollaborators.
Umqondo ophambili wengosi encane ukushicilela kanye nokuthuthukisa kwamagama / kwamatemu ezindaweni ezithile zokufundwa kweZibalo., iSayensi uBuchwephesha ukuze zisebenze njegezinsiza kufundisa kwezemfundo, lapho abafundi bakha unqondo kanye nezenzo zothisha zokuletha ulwazi kubafundi kungathola ukusizakala.
Isichazamazwi esakha izilimi ezahlukene.
Ukuqaphela kunikwezwa ama-Subfields ezokuphepha kwemboni, ukulunyiswa kwendawo yezakhiwo kanye nokuphathwa, ukwakha imithetho kanye nokunakekelwa kwabasebenzi, ukwakhiwa kwamatshe emvelo, ochwepheshe akubonakala luyo.
Izinguquko emisebenzini yomphakathi emkhakheni yezokuphathwa komphakathi (Human Resource Management) kukhiqiza ometemu amaningi amasha. Le-Databose iqukethe amatemu angaphezu kwezinkulungwane ezimbili anolwazi olucebitshisiwe njengo kuphethwe umqodo noma ingqikithi yenkulumo, izincazelo, kanye nezibonelo zemisho. Izilinganiso zezinye izilimi nazo zengeziwe kwenzelwa amarekhodi amanye amatemu.
I-Data yamagama abakhuluma izilimi ezimbili seyiphothulwe izingxenye ezengeziwe eziyisingeniso sezichazamazwi nezenze into ephambili yesichazamazwi seziphothuliwe. Imizamo yokunikeza abasebenzi I-electronic access kulwazi olukukwi-Database isacutshungulwa.
i-Data yamatemu ezilimi ezimbili seyiphothuliwe. Nezingxenye ezengeziwe nezenza iizingxenye eziyisingeniso sezichazamazwi nazo seziphothuliwe. Okwamanje kusacutshungulwa imizamo yokunikeza umphakathi indlela yokuthola lolulwazi olulukwi-Data base ngendlela e- Electronic.
i-Workshop ngokuphepha engwaqeni lapho imnyango wezokuphepha owabamba khona iqhaza. Izikhulu ezingongothi ziqhamuka kwiminyango yezokulawulwa kwezimoto ngohulumeni basekhaya babamba iqhaza ekunikeni izincazelo zezimpawu zemingwaqo kanye nemiqondo yezokuphepha engwaqeni.
I-Workshop ephathelene namatemu asetshenziswa ephalamende.
Otolika / abahumushi ababephuma eHovisi I-Hansard kanye nasemahovisi olimi ezifunda athola / anikwa ithuba lokuxoxisana nongoti bezihloko ezithile ngomqondo okuyiwonawona wamatemu kanye nokuthatha izinqumo ngalawo anomqondo ovumelanayo futhi avumelekile.
Inxoso yoMqondisi omcane ukunikeza imisebenzi yokuhumusha kanye nokuhlela ezilimini eziyisishiyagalolunye ezisemthethweni kanye nezilimi zangaphandle eminyangweni kahulumeni kuzwelonke.
Njengakuqala ingxenye yagxila kumabhuku/ ezinhlangothi ezibanzi zezihloko, kusukela emithethweni ekhishwayo kuya ezincwajaneni ezinikeza ulwazi /. Lokhu kusubalala kukhonjiswe yizibonekeliso ezilandelayo zemisebenzi eyenziwe kulonyaka.
Umthetho sivivinywa kazwelonke wabaqeqeshelwe eze-Sayensi.
Umthetho sivivinywa kazwelonke wokuchitshiyelwa kwemithetho yamahlathi kanye nemmihlaba kuzwelonke.
Ukulungisa umthetho wokusokwa eMpumalanga Kapa.
Ukulungisa komthetho wokufakwa kwezinto ezinobungozi obukhulu.
Incwadi yokuxoxisana nabaholi bendabuko kanye nezikhungo.
Isu likazwelonke lamafilimu, amaVideo, kanye nezinqolobane zemisindo.
Incwadi yokubusa/ yokuphetha nokuqhutshwa nokubambisana kwezeSayensi kanye noBuchwepheshe.
Itebula 2: Inombolo yamakhasi eyahungushwa kanye neyahlelwa ngaphakathi kanye nengxenye eyahunyushwa ngesingisi/ nesibhunu.
Uphiko lwezilimi zangaphandle lwathola imibiko izikhashana esiningana izincwadi zokubheka, ukuxhumana okwejwayelekile, izivumelwano ezimbaxambili, ukulawula. Ukushaya lomthetho, ama (Artiches) imibuzo, amarekhodi noma imininingwane yokuqhubeka enkantolo kanye nokubeyeliswa komuntu ezweni ezekulo icala, amaphoyisa omhlaba. Ucedo lwamajaji/ lokuhlulela. Inombolo enkulu yezivumelwano ezithulwa iyinkomba yokudlondlobala / yokukhula kweningizimu Afrika ebudlelwaneni namazwe omhlaba. Izivumelwano ezimbaxambili zatholwa nasemikhakheni yezentela, ezindabeni zezempilo, yezokwandisa emoyeni, ezindabeni zamaphoyisa, ezokuhwebelana / ezohwebo kanye futhi nezilwane kanye nezitshalo /nezihlahla ezilimini ezinjenge Lithanian, Spenish, French, Chinese, Arabic kanye neForsi.
Uphiko kweSayensi kanye nobuciko nobuChwephesha lulwela ukufaka / ukuqalisa izindlela zokuqala ezizobeka ukuthi isayensi kanye nobuchwephesha kusebenza ngendlela ezodala umehluko ekukhuleni nasekuthuthukiseni ngendlela eqhubekayo izindawo ezibalulekile kubantu baseNingizimu Afrika.
Lokhu kufaka ukungenelela okujongiswe, ekuxhumaneni kanye nasekusebenzeni njengesibhebhethekiso (Catalyst) soshintsho ngezindlela ezimbili : ngokomkhiqizo womnotho, ukuwenza ukwazi ukuncintisane ezimweni ezivumelena namaluingelo abantu, kanjalo nangokubhekelwa igebe elikhulu lentuthuko ekhona phakathi kwezingxenye ezimpofu zomphakathi wethu. Inhloso yokubona lombono igxile entuthukisweni kanye nasekusekweni kwamasu okusungulwa kwesayensi, ubunjiniyela kanye nesiqonqo sobuchwephesha besintu, ukubuswa kwezwe ngabantu kanye nomphakathi, ukuthuthukiswa komphakathi onolwazi kanye nokuqinesekisa inqubekela phambili ezinhlelweni eziphathelene nokuthuthukiswa kwezemvelo.
Kungenxa yalokhu kuhlehlela emuva okwadala ukuthi ngo-November 2000 uphiko luhlale lubuyekeze igalelo lokwenza (performance) kanye nesu elingumbono wabaQondisi ngabanye abakhona ngaphakathi kophiko ukuze kuhlangatshezwane nalezizinhloso ezichazwe ngezansi. Indima okucatshangwa ukuba idlalw yibo bonke abasebenzi abasebenzi bophiko yahlolwa ngeso elibukhali, ikakhulukazi ekutholeni ukuthi ibithathwa "njengomgibelo noma umshayeli" ngokwe NSI. Kwaba umsebenzi owafanelwa isikhathi owenziwa ngaso. Lomsebenzi wasiza ekutholeni isiqiniseko sokuthi lingakanani igalelo lomsebenzi owenzekayo, izindawo lapho abaQondisi bengenza kona ngcono kanjalo nasekutholeni izikhala lapho kudingeka khona izikhundla ezintsha ezihlukahlukene ukuze zihlangabezane nemithwalo ekhulayo yomnyango ngokwe-Agenda ebanzi yentuthuko kazwelonke.
Ukugqugquzela ukuqwashiswa komphakathi, ukuncoma / ukuhlola ngeso elijulile. Kanye nokuqonda i-SET ngemisebenzi ehlelekile, (Systemetic) enokuzwana ehlobeneyo, futhi ehlelwe noma edidiyelwe kahle.
Ubuqinisa ubungako kanye nesimo sokushiwo uphiko oluzimele ngaphakathi kwi-NSL.
Ukukhuphula izinga kanye nokuqinisa izinga lokuhlanganyela phakathi komphakathi obanzi wezokucwaninga.
Ukwenza ngcono izinga kanye nokujula kolwazi lwe-statistics lwe-SET ukuze kusekelwe/ kuxhashwe intuthuko kanye nokuthatha izinqumo ngezindlela zokonga kanjalo nokwenza ngcono izinga lezinhlelo/ lemisebenzi ye-SET ngokukhiphisana nokubekwa emuva ngamazwe omhlaba.
ukungqungquzela ukutholakala kanye nokusetshenziswa kolwazi njengesizinda/ njengomthombo wamasu.
Ukuthuthukisa ulwazi lokufunda nokubhalwa ukuze kugqugquzeleke ukufundwa kwe-Sayensi.
Ukuqalisa izinhlelo zokubekwa kwezinto zokusebenza zesigungu sesayensi.
Imisebenzi eyayihlelelwe ukunyusa izinga lenkulumo mpikiswano ngaphansi kokukalwa kwe-Sayensi, ubunginiyela.
Isikhuwama se-Innovation Fund sibekelwe ukuba sinikeze umhlahlandlela wamasu ohlelweni futhi kuyabonakala / kucatshangwa ukuthi ukuphathwa kuzodluliselwa eqenjini elinjenge NRF yona enengqalazinda eyiyo/ efanele yophiko lokunikeza izimali. Eminye imisebenzi ehlelelwe iminyaka emithathu yilena.
ukusetshenziswa kobuchwepheshe be-Probiotic ukwenza ngcono ukudla okukhona kwezingane ukuvikela (I-diarhoea) uhudo oluyimbangela ephambili ekufeni kwezingane ezineminyaka engaphansi kweyisihlanu eningizimu Afrika.
Umuthi wokunciphisa umdlavunza wesifo ovame kwabesifazane bemiphakathi ekade incintshwe amathuba.
Biotechnology- isomiso kanye nezifo ezinenkani ezitshalweni.
ukusebenzisa uhlaza lwethu lwemvelo ukwenza izidakamizwa ezinamandla ukubhekela izinkinga eziningi ezingalapheki kalula.
kunezindlela zamachemikheli ekuzikeleni izinambuzane ukhula kanye nezifo ezitshalweni.
Ukusungulwa kobuchwepheshe ukuze kuthuthukiswe imboni yasekhaya yensimbi-i-Titanium. Ukuzuzisa enye yezingcebo yendalo enohlonze olukhulu lwezwe.
Uhlelo lokubekwa kwamathuluzi.
Ocwaningeni \ ekuhlolweni ngalokho -ke iqinisekise ukuthi I-DATA ilingiselelwe ngokusezingeni eliphakeme yini yizinhlangano.
Ukuthuthukisa indlela yokuqoqwa kwedata ehlelekile nedidiyelwe kuzona zonke izingxenye zikahulumeni ezihlobeneyo.
Ukuzindla ngokuthuthukiswa kocwaningo lwezinto eziqanjwe kabusha esifundeni.
kunesidingo socwaningo oluqhubekayo ekuchazeni izinto eziqanjiwe noma ezisunguliwe ngenxa okuthi ezinye izinto ezisunguliwe zinencazelo ejulile komqondo ngasohlangothini lwentuthuko yezomnotho.
Isidingo sokuqhubeka kwezikhungo ukuqinisekisa izinga eliphezulu le-data yokuhlola.
Isidingo socwaningo oluxhaswe kangcono futhi oluhlelwe ukuba lwandise inkokhelo engcono.
Izimboni zokukhiqiza zase niNgizimu Afrka, zophiko lokusebenza (ezokuxhumana, ezezimali, izimboni ezobukungiswa njalonjalo) kanye nolwazi lwemboni (ezemfundo ephakeme , izikhungo zocwango njalonjalo)ziqhubeka zizithola ukuthi zisebenza ngaphakathi kwemvelo enobuchwepheshe esheshayo futhi enokuncintisana olukhulu.
Umsebenzi walengosi ukuhola umphakathi we-Sayensi, uBunjiniyela kanye noBuchwepheshe (SET), owangasese kanye nowomphakathi, iwuse ezindaweni zobuchwepheshe ezisafufusayo nezingumyombo wobuchwepheshe bekusasa.
Ukuvezwa kwemingenelelo yokudlulisela ubuchwephesha obuyikho ukwenyusa isivinini sentuthuko yezemnotho, ukukhula kanye nezinga eliphezulu lempilo eyenziwe emiphakathi yasemakhaya.
amabalazwe omgwaqo obuchwepheshe.
Yize ucwaningo lwe- National Research kanye ne-Technology Foresight (URTF) lwalozothatha iminyaka eyishumi nanhlanu kuya emashumini amabili, futhi lwethula inqwaba yobuchwepheshe obuthembisa ukuthi kungaba nomthelela omuhle ezidingweni zomnotho kwezenhlalakahle yezwe lethu, kwaba nesidingo sokugxila esikhathini esifushane, kanye nokuthuthukisa amabalazwe omgwaqo okumele alandelwe ukuze kubonakale masinshane umthelela wobuchwepheshe ongabamuhle.
Lezizindawo ezintathu zakhethelwa amabalazwe emigwaqo, ulwazi kanye nobuchwepheshe bezokuxhumana : Information & Communication Technologies (ITC) izimpahla eziphambili (Advanced Materials), i-BioTechnology kanye ne- Bionformatics. Lezizindawo zakhethwa ngenxa yokubaluleka kwentuthuko yobuchwepheshe kulezizindawo kanye nangenxa yomthelela omkhulu kakhulu ezinawo obanzi nakokunye ubuchwepheshe obafakwa ocwaningeni lwe-ForeSight. Inhloso ukuqula, kuzona zontathu izingxenye ukuxhumana phakathi kwezizinda zobuchwepheshe ezidinga ukuthuthukiswa, kanye nokubhekela izimakethe zakusasa amathula. Ubuchwepheshe bebalazwe lomgwaqo kuqondwa ngalezizizathu , buyithuluzi elilungiselela futhi lifune ukuthola , likhethe futhi lithuthukise obunye ubuchwepheshengokusebenzisa izinjini zoubuchwepheshe kanye nabazisebenzisayo, kufaka nezimboni izazi kanye nohulumeni, abadonsa izimali zabo ukuhola intuthuko ezindaweni okuvunyelwane ngazo. Imiphumela elindekile ekwenzeni ibalazwe lemigqwaqo ngobuchwepheshe kufaka amasu okucwaninga kazwelonke, ukuthuthukiswa kwamakhono abantu okubukeziwe kwe-SET kanye namasu ezingqalasizinda zokonga ze- SET. Ikomidi elizobheka lomsebenzi selisunguliwe futhi sekuvunyelwene ngendlela engasetshenziswa ukuze kufezwe izinhloso. Ukuqhubeka komsebenzi kuzolandela ngesikhathi esizayo sokwethulwa umbiko.
Iqembu eliholwa I-Mintek laqokelwa ukusungula isikhungo sokubonisa ngezobuchwepheshe. Lesisikhungo sizobhekela izimayini ezincane: kanye neminye imikhakha ethuthukisa zona. Inhloso ngqangi wukukhombisa / ukubonisa futhi igqugquzele ukusetshenziswa koubuchwepheshe okusha nokufanelekile uma kumbiwa ngaphakathi kwalengxenye.
Kunezifanekiso eziningi zokudluliswa / nokusatshalaliswa kobuchwepheshe ezeseka umphakathi we-SMME, zigxile ekukhonjisweni kanye nasekuqeqeshelweni imikhakha emisha yobuchwepheshe kubekugxilwe kakhulu ekulawulweni kanye nasekudayisweni kahle kwamabhizinisi.
Nokwesekwa kokuhlolwa kobuchwepheshe.
Ukuxhumana nezikhungo ezifundisa ngobuchwepheshe njengama Nyuvesi namaTechnikon.
Ukulwa nobubha, ukuqiniswa kwengqalasisinda kanye nengqunquthela yemisebenzi.
Loluhlelo lwakhelwe ukuthuthukisa imithombo yemikhakha yezolimo, yingakho izinhlelo eziningi zibhekene nemikhiqizo evela ezilwaneni ezitshalweni kanye nasekudleni okukhiqizwa ngaphakathi ezweni. Imikhiqizo ezovezwa yilezinhlelo kulindeleke ukuba ibe eyohlonze oluphezulu futhi seyabelwe izimakethe engadayiseka kuzo kalula. Zonke lezizinhlelo zibheka umkhiqizo ngendlela edidiyela yonke into kusukela ekuqaleni kuze kube sekudayisweni komkhiqizo. Ngaphezu kwalokho izinhlaka zaloluhlelo zakhiwe ngendlela yokuthi zingambi eqolo futhi zilethe inzuzo.
Loluhlelo lomsebenzi lubhekene nokusetshenziswa nokuthuthukisa ubuchwepheshe ukuze kushintshwe izinto ezikhona zokuzalana kwenziwe umshini wephepha, okusuka lapho kushintshwe kube imikhiqizo yephepha eyahlukahlukene (the Biological resourses Depend on the Region). Loluhlelo luhlanganisa nokuqeqeshwa kwabantu abangasebenzi abaphuma emphakathini eqokiwe ukuze bakwazi ukusebenzisa lobubuchwepheshe kanye nokwakhiwa kwezindawo zokukhiqiza (njengezimboni zemisebenzi yezandla) luphinde luhlomise abantu abafanayo ngamakhono okusebenzisa ulwazi abalutholile lobuchwepheshe ekuthuthukiseni uhwebo lwabo.
Inhloso yalomqondisi ukweseka izinhloso kanye nezidingo zokuqala zikazwelonke ngokuzimbandakanya ezinhlelweni kanye nasezingxoxweni ezahlukahlukene emkhakheni ye-Sayensi nezobuchwepheshe. (S&T).
ukunxenxa ukwesekwa ngamazwe omhlaba ekuthuthukisweni kwamakhono kwezeSayensi nobuChwepheshe kanye neminye imizamo kazwelonke ye-Sayensi kanye nobuChwephshe.
Ukuqhathaniswa kwezinga eliphezulu oocwaningo kanye nentuthuko kuzwelonke.
Ukwenza umkhakha weSayensi kanye nobuchwepheshe baseningiZimu afrika ube sezingeni lamazwe omhlaba.
ukusungulwa kohlaka lukazwelonke obudlelwane obuthe xaxa namazwe omhlaba lwezeSayensi kanye nobuchwepheshe.
Okwamanje iNgosi yezokuphatha isalungisa / isacubungula okumele kwenziwe ohulumeni bezifundazwe kwi-R&D kazwelonke kanye nokuthi kumele ahlanganyele kangakanani emazweni omhlaba.
Izivumelwano ezintsha zamazwe omhlaba.
Ukuthutukisa ukuxhumana kanye nokubambisana kumazwe omhlaba.
Uhlelo lwezifunda lweSayensi kanye nobuchwepheshe.
Lolu uhlelo lwasungulelwa ukugqugquzela ukuxhumana kwezesayensi nobuchwepheshe phakathi kweNingizimu Afrika namazwe aseAfrika eseNingizimu(SADC) luphinde lwandise ukusebenzisana phakathi kwezikhungo zaseNingizimu Afrika nalezo zamazwe e -SADC ne-Afrika jikelele. Lokhu kwenzelwa ukuthuthukisa ingqalasizinda yocwaningo nentuthuko kanye nokuthuthukiswa kwamakhono. Izidingongqangi ezibhekelwe uhlelo lwezifunda lweSayensi kanye nobuchwepheshe (Regional S&T Programme) phakathi kokunye zifaka lokhu; ukulawulwa kwamanzi, izindaba zokungcola okuvela kwamanye amazwe, ubuchwepheshe mayelana nezokudla, ulwazi ngezinto ezenzeka ngaphakathi ezweni, ubuchwepheshe kwezokuxhumana, ukulawulwa kokusetshenziswa kwenhlabathi nesifo sengculazi njalonjalo. Phakathi kuka 2000 no 2003 i-DACST isithole izicelo ezingaphezulu kwamashumiayisishi yagalombili zokuqhuba loluhlelo, yakwazi ukuxhasa eziyisishagalolunye.
Umnyango weSayensi Nomphakathi uzibeka lapho kuhlangana khona weSayensi ubunjiniya kanye nobuchwepheshe kanye nomphakathi. Inhlosongqangi ukwenza umphakathi wazi, uthande, uqonde futhi ubuke ngeso elijulile isayensi nobunjiniya, nobuchwepheshe lokhu kwenziwa ngezinhlelo ezibekwe futhi zahlelwa kahle ukufeza lenjongo. Umnyango uibambisene nezifundazwe eziyisishiyagalolunye nezinhlangano ze-SET kanye nabanye, isungule izinhlelo eziningi ezenza umphakathi ubambe iqhaza ngqo kwezeSayensi kanye nezinye izinhlangano zobusayensi, ubunjiniyela kanye nobuchwepheshe kuhlanganisa nabanothando.
Unyombo walomsebenzi uku " thatha iSayensi, ezobunjiniyela kanye nobuchwepheshe kuye kubantu bakithi". Ingqikithi lwezinhlelo zolwazi lwesintu ezweni, ukuletha I-SET kubantu nokwakha ukubambisana emiphakatini kusetshenziswa I-SET. Lokhu kwakubhekiswe ikakhulukazi kubafundi, kubafundisi, abesifazane, imiphakathi yasemakhaya kanye nomphakathi.
LeCamp yenzelwe ukukhuthaza nokugqugquzela amantombazana kwezeSayensi nobuchwephesha ukuze akwazi ukukhetha imisebenzi ngendlela eyiyo. Ngo-2000 I-Camp yabanjelwa ezindaweni ezintathu ezahlukene ngesikhathi esifanayo. Izifundazwe eziyisishagalolunye zahlanganiswa zase zihlukaniswa izigaba ezintathu (izifundazwe ezintathu esigabeni ngasinye). Esisodwa kwezintathu isona eyayizobanjelwa kuso. Ngo-2000 kwaba I- Freestae , Eastern Cape kanye neMpumalanga. I-Camp yayiqondiswe emantombazaneni enza ibanga lesithupha (Grade 6) kuya kweleshumi(grade 10). Amantombazane akwazi ukuhambela le-Camp aba amakhulu amabili namashumi ayisikhombisa. (270). Isifundazwe ngasinye sasithumele abafundi abangamashumi amathathu . Kwakukhona nabafundisi abayishumi nesishiyagalombili isifundazwe ngasinye sinabafundisi ngababili, owesifazaze nowesilisa.
Umnyango usungule izindlela eziningi zokubhekela ukubanenani elincane kwabesimame kwimisebenzi ephathelene neSayensi kanye nobuchwepheshe. Kuneqembu elijutshiwe yi-DACST ukuba liqalise Iqembu labesifazane kwezesayensi nakwezobuchepheshe. Leliqembu lizobhekela izidingongqangi zocwaningo liphinde lingenelele ekunciphiseni ukushiywa ngaphandle kwabesifazane kwezesayensi nobuchwepheshe. Lokhu kuzoba nomthelela ngqo kumgomo kahulumeni wokuthuthukiswa kwamakhono kubantu. Leliqembu lizokhulumela futhi limele ekuqinisekiseni ukuthi kunemithombo eyanele yokuqhuba ucwaningo nentuthuko okuyinto ezoba nomthelela omkhulu ekuthuthukiseni izinga lempilo kubantu besifazane. Njengamanje kunemizamo yokuthi ucwaningo lubhekela izinto ezisemqoka futhi futhi lwakha umthetho sisekelo lelithimba elizosebenza ngawo.
Ucwaningo lwezeSayensi kudingeka ukuba kuxoxiswane ngalo ngezindlela ezinomthelela ozwakalayo nemiphakathi ehlukahlukene kanye nabanye abathintekayo, Lokhu kungenzeka ngezindlela eziningi; -ukwazisa, ukucela ukusebenzisana, ukubambisana, ukuwesekwa, isidingo sokucaciseleka, ukuqwashisa, nokubuza imibuzo, njalonjalo.
Inhloso yaloluhlelo ukugqugqzela ukuxhumana ngokomsebenzi wesayensi phakathi kosoSayensi nalabo ababhekene nokwaziswa komphakathi, ngendlela ehlelwe futhi yalawulwa kahle, ukuze kudluliswelwe ulwazi ngedlela eyiyonayona kulabo olubhekiswe kubo. Kunama Workshop osuku olulodwa ahlelwe I- PUSET amayelana nokuhlelwa kwezokuxhumana kwi-Sayensi kanye namakhono amayelana nezindlela zokuxhumana.
Lama-Workshops aqondaniswe nezidingo ngqo zaseNingizimu Afrika futhi afike ngesikhathi lapho edingeka khona kakhulu ; ngesikhathi isayensi nobuchwepheshe kusiwa ebantwini. Kunama-Workshop ayisithupha abeqondaniswe nezigungu zesayensi amanyuvesi , izimboni eziphethwe nguhulumeni ngokuhlanganyela nosozimboni abazimele eNingizimu Afrika.
Imiklomelo ybuntatheli kwi-Sayensi kanye nobuchwepheshe.
Uhlelo lokunikezwa kwemiklomelo yobuntatheli lwaqala ngonyaka wezesayensi nobuchwepheshe okungu 1998. Lwaqalwa I- DACST ibambisene nezigungu eziyisishiyagalombili zesayensi.
Ukugqugquzela izintatheli ukuthi zibike ngokwenzeka kwi-Sayensi kanye nezoBuchwepheshe kanye nokuncoma igalelo lalezo zintatheli ezivelele ekwenzeni lokhu.
Ukwenza izintatheli kanye nomphakathi bazi ukuthi umkhakha wesayensi uhlale unezinguquko ezithintana nezimpilo zethu nsukuzonke.
Ukuqhakambiswa kokubika ngesayensi nobuchwepheshe ngabezindaba.
Kusukela ngo1998 iyisikhombisa imikhakha yezindaba, ihlanganisa : iphephandaba elivelele likazwelonke, iphephandaba lomphakathi, umqingo ovelele wochwepheshe, indaba evelele kwabezindaba jikelele, uhlelo oluvelele emsakazweni noma igalelo ohlelweni oluvelele, uhlelo oluvelele kumabonwakude noma igalelo ohlelweni oluvelele kanye negalelo elivelele ezindabeni zomphakathi. Kubesekufakwa neminye imiklomelo emibili kamuva-nje; igalelo elivelele olimini lwesintu kanye nalowo onconywe kakhulu.
Kunomklomelo oyiehawu owakhishwa uMnyango omayelane nezinga eliphezulu lokuxhumana ngesayensi elaklonyeliswa kwelamanqamu kazwelonke kwezososayensi abancane ngo-1999. Lomklomelo waminyakayonke ugqugquzela ukugxiliswa kwemiqondo kwi-Sayensi entsheni kanye nokwabelana ngolwazi oluyilo kwiSayensi. Loluhlelo luzoqhubeka iminyaka eyishumi. Abokuqala abazuza lomklomelo babephuma ezifundeni zase-Mpumalanga nase-North West Province ngokufanayo.
Ngonyaka ka-2000 izenzo eziningi zoMnyango zazibheke ekushayeni umthetho kanye nokuqondisa ukuze kufezeke izinhloso zemeta kanye nokuphathwa kwayo.
UMnyango wokuxhumaniswa kweSayensi nobuchwepheshe wasungulelwa ukuxhumanisa imisebenzi enhlobonhlobo yophiko lwezeSayensi.
Umsebenzi wayo ukuxhumanisa iziphakamiso ezenziwe yiDacst nemisebenzi yeminyango ehlukahlukene, imibiko kanye namakomidi amakhulu afana nekomidi labaphathi bezigungu zesayensi. Iphinde ibe onobhala balamakomidi. Onobhala bomkhandlu wokweluleka kwezoshintsho babekwe ngaphansi kwalonyango.
Umthetho wocwaningo lweSayensi yesintu ka 1968.
Umthetho kazwelonke wemitapo yolwazi ka 1998.
Umthetho wezemisebenzi yesayensi-1993.
Umthetho wokulawulwa kwezimali zomphakathi-1999.
Ukubhekwa kwemisebenzi nokuthuthukiswa kwezinhlelo zenqubomgomo yeSayensi nobuchwepheshe kulawulwe uMnyango ngalezinhlelo: Imihlangano ye Pulse Rate; ama workshop omhlahlandlela; imiklomelo kazwelonke yeSayensi nobuchwepheshe; nezidlo ezinkulu (gala dinners) kanye nokulawula kosizo lwezimali olusiza ukuqhubezela phambili ukuthuthukisa kwezinhlelo zaSayensi nobuchwepheshe.
Ukwandisa kwevoti leSayensi ngokuvakashela izigungu zeSayensi, ukuhlaziya imibiko yonyaka kanye nokufezwa kwezinjongo zikazwelonke kwiSayensi.
Ukuhlanganisa ukufunda nokususa izinto phansi nengqubekela phambili; kwenziwa ndawonye ne NSTF. Lokukufunda/ucwaningo kwakugxile kakhulu emkhakheni wokusebenzisa nokuxhumana kwimikhakha yokukhuliswa komnotho; iSayensi; ubuchwepheshe namakhono abantu.
Ezokuphathwa kwabasebenzi ziye zabhekana nezinselelo kanye nezinguquko ezenziwe ukushintsha kwabaphathi kwase kushintsha nokucabanga kusukela endleleni endala ukubheka kwentsha, yona ebheke kakhulu ukuletha imisebenzi. Lemisebenzi ibheke kakhulu emiphumeleni, izithelo kanye nokwenza ubuhle ngokusebenzisa I-Public Service regulations kanye nomthethosivivinywa obhekene nabasebenzi.
ukusungula isu lokucacisa.
Ukuthuthukisa ezokuqeqeshwa kanye nokuthuthukisa uhlelo okunikeza amakhono ukufeza izinjongo zoMnyango.
ukuletha izinguquko ukuhlela izinhlelo zabasebenzi uukuthi zihambisane nezinguquko.
Ukwakha ezabasebenzi kanye nemigomo yokubaxhasa.
Ukuqashwa kwabasebenzi abasha kanye nokuchitha imali eningi kufundiswa lababasebenzi.
Kwenziwa intuthuko enkulu ephathelene nokuqaliswa komsebenzi ngendlela engenazihibe kanye nencwadi yokuphathwa kwawo umsebenzi. Ukuqhubeka koshintsho nakho kuye kwafakwa ohlelweni lokuqhubaimisebenzi ngendlela engazihibe.
Ukuphepha kanye namahovisi okwethula imisebenzi.
Ukufakwa kwendlela entsha yokuphepha nesebenza ngomshini.
Tble 1: Imisebenzi kanye Nezikhala zemisebenzi.
Tble 1.2 Imisebenzi kanye Nezikhala zemisebenzi.
Abasebenzi abakhubazekile babaliwe ngenhla.
Ingosi enkulu ihlose ukudayisa, ukuqhubezela phambili kanye nokushicilela nokwazisa imisebenzi, yoMnyango, kaNgqongqoshe, kanye nesekela likaNgqongqoshe kuzwelonke nasemhlabeni-jikelele.
Ukukhipha umkhiqizo wezokuxhumana othembekile ongashayiphansi (accurate) onesidingo futhi osezingeni eliphezulu.
Ukuxhumana njalo nezinhlelo ezahlukene ezincike emagastheni amabili oMnyango.
Ukuhlanganisa imisebenzi yezokuxhumana ebikwe ngenhla kanye nokwenziwa komqondo, ukuhlela ukuxhumanisa kanye nokuphathwa kwemicimbi.
Ukusungulwa kwengosi yezokuxhumana (Corporate Communication Unit) kodwa ube ubhekekele izidingo zoMnyango ngokohlelo lokwenza oludidiyelwe ube futhi ubeke emqondweni isicelo se-COMTASK sokwakha kabusha umsebenzi wezokuxhumana kahulumeni. I-COMTASK iqembu elijutshiwe elakhiwa owayeyisekela likaMongameli ngo-1995 ukuthi licubungule futhi lenze izincomo ngokuxhuma nomphakathi.
Uhlaka lunikeza Ingosi enkulu yezokuphatha kanye nengosi encane: ukuphatha kwemicinmbi, yomibili ethula imimiko kuMqondisi oMkhulu: wengosi yezokuxhumana, njenge nhloko yophiko.
Nokukhipha imikhiqizo yokuxhasa umsebenzi wezokuxhunmana.
Kulesisikhathi sokubuyekeza uMnyango wawengamele imisebenzi ebanzi enhlobonhlobo, iyona lengosi eyaasiza ngokuhlela kwabezindaba kanye nagokuphathwa kwemicimbi.
ezokuxhumana imisebenzi yeNgosi ifaka ukukhishwa kwezitatimende, ukumena abezindaba, ukuhlela ama-Intaviyuzi emsakazweni kanye nakumabonwakude, ukufaka izindatshana emaphephandabeni kanye nokuqoqela ndawonye amaqoqo abezindaba.
Imgubho ephathelene noSuku lwabesifazane, olwamaGugu, kanye noSuku lweNkululeko yaba negalelo elikhulu kwabezindaba, futhi yayivezwa ngalesosikhathi yenzeka ngabezindaba zamaphepha kanye nomabonwakude. UMqondisi Omkhulu waba nokubambisana okuhle nabezindaba ngesikhathi salemicimbi.
Kunemizamo yokuqhubela phambili ubuhlobo nabezindaba ngokuthintana okuhleliwe kanye nangalokho okungahleliwe.
Ingosi encane yaphatha noma yanceda ngemicimbi eminingi ezindaweni ezisemadolobheni kanye nakwezisemaphandleni.
Ingqungquthela yezamaFilimu ye-EU / SA.
Ukukhubazeka ekhonsathini lezoBuciko, eThekwini.
Usuku lweNkululeko enkundleni yezemidlalo e-Kwaggafontein eMpumalanga.
Iqhaza elalizobamja uMnyango kwakungukuxhaswa ngezimali umcimbi wokwethulwa kwe-SALT. Ingosi encane yezokulawulwa kwemicimbi iyona eyayibhekene nokuhlela okumayelana nezinto ezifana: nokubhekela ukudluliswa kwezimali, izimemo , ukudla inqubo, ezokuthutha, kanye nohlelo lomcimbi.
I- Kopano (okusho ukuhlangana) yasungulwa yingosi enkulu yezokuphathwa kobuciko, namasiko emazweni omhlaba ophikweni lwezamaciko namasiko ukwandisa ukuxhumana phakathi kwezwekazi lonke eliseNingizimu neAfrika. Kwakungokokuqala ukuthi amazwe nezifundazwe bakhulume ngezinto ezifanayo kubona lapha babengakwazi ukubonisana futhi ngokokuqala ngqa bakwazi ukubuka izinto ngasolinye okuzoletha ukuxhumana nobudlelwano phakathi kwamazwe nezifundazwe zaseningizimu afrika nomakhelwane bazo.
Umsebenzi weNgosi encane ukwazisa abaphathi bezinhlelo nesikhulu sokulawulwa kwezimali ngakho konke okuphathelene nezimali, ukuhlelelwa nokusetshenziswa kwemali kubaphathi emazingeni aphansi naphezulu, nakumgcinimafa nephalamende. Ngaphezu kwalokho ingosi encane yokulawula iphinde ilawule ukusetshenziswa kwezimali nguMnyango iqaphe nokuphuma kwazo futhi emyangweni nakwizakhiwo ezisondelene nawo bese ibika kwi-Khabhinethi ngohlelo olubizwa nge-Early Warning System. Ngonyaka ka 2000 ingosi encane yenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukufakwa ngendlela ebonalalayo umthetho we-PFMA.
INhloso yengosi encane ukunikeza izindlela eziphusile zokuphathwa kwezimali kubobonke abasebenzi bomnyango. Iphinde ibhekele nokuqeqeshwa kwabo ekuphathweni kwezimali. Iphinde futhi iqinisekise ukunikwa kwezimali ezingenayo kanye neziphumayo bese kubikwa ngokuphela konyaka wezimali ngokuhambisana nomgomo wesabelo sezimali salowo nyaka. Ngonyaka ka 2000 ingosi encane yenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukufakwa ngendlela ebonalalayo umthetho we-PFMA.
Inhloso yengosi encane yezokuhlelelwa ukuthengaimpahla nokusiza abasebenzi, ukuze bekwazi ukwenza imisebenzi yabo ngendlela efanele.
Lengosi iphinde futhi isize abasebenzi, ibaluleke ngokuthengwa kwempahla kanye nosizo, iphinde ithole amathenda ezimpahla kanye nosizo ngokusebenzisa ikomidi lethenda, iphinde futhi yemukele ukuchithwa noma ukuphnda kusetshenziswe kwempahla kahulumeni (ifenisha imishini nezinye izinto zokonga) ngokusebenzisa ikomidilezokulahlwa kwempahla.
Umthethosivivinywa womkhandlu kazwelonke wezomtapo kanye nolwazi.
